UKhristu u-Ahnsahnghong wazalelwa edolobheni elinezimayini elise-Jangsu-gun, e-Jeollabuk-do, eRiphabhulikhi yaseKorea, ngo-1918.
Ekufikeni kukaJesu okokuqala eminyakeni eyizi-2,000 edlule, ngisho nesilwane esiyisimungulu samnika umkhombe waso, nezazi zasempumalanga zamupha izipho zegolide, impepho, nemore.
Ngenkathi efika okwesibili emhlabeni njengomuntu, nokho, kusukela ngesikhathi sokuzalwa Kwakhe, wadlula ezilingweni nasezinsizeni.
Ngo-1918, ngenkathi uKhristu u-Ahnsahnghong ezalwa, ngisho nangaphambi kokuphela kweMpi Yezwe Yokuqala eyafaka umhlaba wonke kwiphupho elibi lokufa, ithunzi lokufa laphonswa phezu kwawo wonke umhlaba futhi.
I-Spanish Flu yathelela ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu bomhlaba, yabulala abantu abayizigidi ezingama-50 kuya kweziyi-100.
I-Korea ayizange isale ngaphandle kokwesaba inhlekelele ebizwa ngokuthi “ukubhujiswa ngokwezokwelapha.”
Bonke abantu besigodi batheleleka futhi kwakungekho muntu owayezongcwaba izidumbu.
I-Spanish Flu yathelela izigidi ezingama-7.6, u-40% wamaKorea, kanye nabantu abangu-140,000 kubo bafa.
Yini emhlabeni uSathane ayenzela leli dili lokufa phezu kwezimpilo zabo bonke abantu na?
Eminyakeni engaba yizi-2,000 edlule, ngenkathi uJesu ezalwa, iNkosi uHerode yabulala bonke abafana abancane eBhetlehema nezindawo eziseduze nayo ukuze kubulawe uJesu.
Ngokufanayo, enkathini kaMoya oNgcwele, uSathane wazama ukuvimbela ukuzalwa kukaKhristu Ofika Okwesibili ngokubulala zonke izingane (NgokukaMathewu 2:13-16).
Nokho, amandla obumnyama awasoze avimba injongo nentando kaNkulunkulu uSomandla.
Ngokweziphrofetho zeNkosi uDavide kanye nomzekeliso womkhiwane, uKhristu u-Ahnsahnghong wazalwa ngo-1918 futhi wabhabhadiswa ngo-1948 eneminyaka engamashumi amathathu, futhi wakhanyisa ukukhanya kwempilo yeSivumelwano Esisha.
Inhlangano Ethunywe Ezweni iBandla likaNkulunkulu likholelwa ku-Ahnsahnghong onguKhristu ofike okwesibili ngokweziphrofetho zeBhayibheli.
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha