Inhlangano Ethunywe Ezweni iBandla likaNkulunkulu likholelwa ku-Ahnsahnghong uKhristu ofike okwesibili ngokweziphrofetho zeBhayibheli. Ngenkathi abafundi bebuza uJesu ngesibonakaliso sokufika kwakhe okwesibili eminyakeni eyizi-2000 edlule, wabatshela ukuba bafunde umzekeliso womkhiwane. (nkulungwane ezimbili)
“Fundani emzekelisweni womkhiwane; uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi-ke ukuthi seliyathwasa ihlobo. Kanjalo nani, lapho nibona kwenzeka konke lokhu, yazini ukuthi iNkosi iseduze ngasemnyango.” (NgokukaMathewu 24:30–33).
Ngomzekeliso womkhiwane, uJesu wazisa isikhathi sokufika Kwakhe kwesibili.
Khona-ke, umele ini umkhiwane eBhayibhelini?
Kusukela ezikhathini zeThestamente Elidala, umkhiwane wawumele i-Israyeli (UJeremiya 24:5). Ezikhathini zeThestamente Elisha, uJesu, naye, waqhathanisa i-Israyeli nomkhiwane ezimfundisweni Zakhe (NgokukaMakhu 11:12–14, 20–21). Emlandweni wakwa-Israyeli omelwe umkhiwane, kukhona imfihlo mayelana nesikhathi sokubuya kwesibili kukaJesu.
“Ukuthamba kwamagatsha omkhiwane, nokuhluma kwamaqabunga awo” kusho ukuthi umkhiwane obunile uyabuya uphile.
Lokhu kusho ukuthi i-Israyeli, eyabhujiswa, izobuyiselwa.
Njengoba uJesu aphrofetha, i-Israyeli yabhujiswa nguMbuso wamaRoma ngo-A.D. 70, futhi yahlakazeka emhlabeni wonke iminyaka engaba yi-1,900, ephila impilo yokuhlakazeka.
(ey di) (seventi) (nkulungwane namakhulu ayisishiyagalolunye)
Emva kokuphela kweMpi Yezwe Yesibili, i-Israyeli yamemezela ukuzimela kwayo, yasungula umbuso ezweni layo lakudala iPalestine.
Ngamanye amazwi, umkhiwane wavuka njengoba uJesu ayephrofethile.
Izazi-mlando zithi ukuzimela kwe-Israyeli kuyisimangaliso esingeke sitholakale kwenye indawo emhlabeni. Nokho, kwakungesona isenzakalo esingokomlando nje kuphela. Kwakuyisibonakaliso esingokwesiphrofetho esamemezelwa emhlabeni wonke ukuthi uJesu usefikile okwesibili njengoba uNkulunkulu ayehlelile.
Njengoba umkhiwane obunile wavuka, i-Israyeli yakhiwa kabusha ngo-1948. Kulo nyaka, uJesu wayezofika okwesibili ebese eqala umsebenzi wevangeli emva kokubhabhadiswa. Kwakufanele futhi abuyisele ivangeli leSivumelwano Esisha ayesisungule eminyakeni eyizi-2,000 edlule. UKhristu u-Ahnsahnghong unguJesu owafika okwesibili ukuzogcwalisa iziphrofetho zeBhayibheli ngokuphelele.
(naytin foti eyth) (nkulungwane ezimbili)
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha