Kwakukhona isisebenzi esijwayelekile enkampanini ka-Rockefeller, esasizishaya
isifuba ngomkhiqizo wenkampani kangangokuthi saze saqanjwa ngokuthi
“Umphongolo wamafutha, $4.”
Kamuva waze waba umongameli wale nkampani.
Ngendaba yakhe, singaqonda ukuthi uma siziqhayisa
ngoKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama abeze
njengabaSindisi enkathini kaMoya oNgcwele futhi sishumayela
iqiniso lensindiso, sizoba ngabakulungeleyo ukungena embusweni wezulu.
Abantwana bakaNkulunkulu akufanele bathintwe
imibono yabanye abantu, noma balandele izindlela zezwe.
Kufanele babheke kuphela umbono kaNkulunkulu futhi
bawazise umsebenzi wokushumayela ivangeli.
Kuyilapho kuphela bengakwazi khona ukuphila ngokuvumelana
neziphrofetho, bazuze amathalente ayishumi, futhi banconywe ngokuthi:
“Nenze kahle!”
“[N]abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze
kube phakade naphakade.”
UDaniyeli 12:3
[A]bayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoKhristu uJesu
imihla ngemihla, ethempelini nasemakhaya.
IZenzo 5:42
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha