Imihlatshelo yeTestamente Elidala iqukethe ukuphenduka kwezoni
nokubuyisana kukaNkulunkulu. Emva kokuthi u–Adamu no–Eva benza isono sokuqala,
uNkulunkulu wavumela uKayini no–Abela ukuba banikele imihlatshelo,
ngazo bebekwazi ukuya eMthini wokuphila futhi.
Imihlatshelo yaqhubeka ngesikhathi sikaMose
yaguqulwa yaba izinkonzo zokukhonza ezikhathini zeTestamente Elisha.
Ngaphandle kwezinkonzo zokukhonza esizinikela kuNkulunkulu,
ukuthethelelwa kwezono, angeke size sikuthole.
Kuzo zonke izinkonzo zokukhonza zeTestamente elidala,
izilwane zachitha igazi esikhundleni sezoni.
Kepha, ezikhathini zeSivumelwano Esisha,
uJesu Kristu Uqobo, waba umhlatshelo njengomnikelo wesono.
Ngakho–ke, kumele sigcine zonke izinkonzo zokukhonza
uJesu azisungula ngomhlatshelo Wakhe, ngomoya nangeqiniso.
Njengoba uJesu waba umpristi omkhulu,
kusho ukuthi kumele siqhubeke ukunikela izinkonzo zokukhonza.
Amalungu eBandla likaNkulunkulu agcina zonke izinkonzo
zokukhonza ezifana nosuku lweSabatha nePhasika,
futhi baya ngase kuthethelelweni kwezono
nethemba lokuya eZulwini, uNkulunkulu asithembisa.
. . . waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,
ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki. KumaHebru 5:9–10
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha