Ngamandla kaNkulunkulu, ama-Israyeli akhululwa ebugqilini beminyaka enga-430(makhulu amane namashumi amathathu) eGibhithe, alibangisa eKhanani.
Nokho, ama-Israyeli awukhohlwa umusa kaNkulunkulu owawakhulula.
“Nisikhuphuleleni eGibithe, nisingenise kuleli hlane na?
Abantu, ababekhononda, balunywa yizinyoka ezinobuthi futhi bafa (Numeri 21:6).
USimakade wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyiphanyeke ensikeni. Kuyothi lowo olunywe yinyoka, lapho eyibheka, asinde.” Numeri 21:8
Khona-ke, ingabe inyoka yethusi eyabasindisa?
Cha. UNkulunkulu wabasindisa ngamazwi Akhe, “Noma ubani olunyiweyo angalubheka futhi aphile.”
Noma kunjalo, ama-Israyeli ayesaba inyoka yethusi amakhulu eminyaka, ecabanga ukuthi inamandla angaqondakaliyo.
Ngenkathi iNkosi uHezekiya iphula inyoka yethusi yaba yizicucu, uNkulunkulu wamncoma, futhi wamenza waphumelela kukho konke ayekwenza (2 AmaKhosi 18:3–7). Kungani uNkulunkulu ancoma uHezekiya owaphula inyoka yethusi yaba izicucu? Kungenxa yokuthi okhonza isithombe uyobhujiswa. Umlando wokukhonza inyoka yethusi wawuyisiprofetho sokuthi amabandla azomisa isiphambano futhi abhujiswe.
Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, . . . Johane 3:14-15
Kwakungesona isiphambano esasisindisa, kodwa uJesu (1 Petru 1:18-19). Nokho, namuhla amasonto ayasihlonipha isiphambano, njengoba nje nama-Israyeli ayehlonipha inyoka yethusi. Isiphambano asilutho ngaphandle kokhuni, njengenyoka yethusi ayilutho ngaphandle kocezu lwethusi (IZenzo 5:30). Amabandla, amise isiphambano, azobhujiswa (Dt 27:15).
“Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.” ISam 18:4
Ngokulandela izimfundiso zoKuza Kwesibili kwaKhristu Ahnsahnghong, IBandla LikaNkulunkulu Lenza kwaziwe kubo bonke abantu ukuthi isigameko senyoka yethusi siyisiprofetho sokuhlonishwa kwesiphambano. Ngicela nize eBandleni likaNkulunkulu, okuyiSiyoni lapho kuhlala khona uNkulunkulu uMama, uMsindisi eNkathini kaMoya oNgcwele, nizophunyuka enhlekeleleni yokugcina nisindiswe.
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha