Uma singabesilo, siyothola uphawu lwesilo, oluholela esijezisweni sesihogo. Siyothola uphawu lwensindiso kuNkulunkulu lapho sibona futhi sinokholo oluqinile kuKristu Ahnsahnghong, igama elisha likaJesu, kanye nakuMama waseZulwini iJerusalema Elisha.
IBhayibheli liprofetha ukuthi umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu kuyoba ukubeka uphawu lwakhe emabunzini abantwana bakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, kusukela eRiphabhulikhi yaseKorea, lapho kuphuma khona ilanga, ngemiyalo yakhe kanye nangePhasika.
Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle ... Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu. ... Senza futhi ukuba bonke, ... bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.
ISambulo 13:1–17
Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”
ISambulo 7:2–3
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha