Njengoba amawashi asungulwa ukuze asivumele sikwazi ukubona ukuhamba kwesikhathi okungabonakali, singakwazi ukubona ngeBhayibheli isahlulelo sokuya ezulwini noma esihogweni ezweni elingabonakali likamoya.
Njengoba uJesu, oweza njengokukhanya, weza ngokokuma kukaMelkhizedeki, abalandeli Bakhe, amalungu eBandla likaNkulunkulu, nabo agcina iPhasika lesivumelwano esisha futhi alandela izimfundiso Zakhe.
Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, abantu bahlukaniswa baba amaqembu amabili—labo abakholelwa kuJesu oweza enyameni njengoMsindisi wabo nalabo abangazange, nakwinkathi kaMoya oNgcwele, kukhona labo abakholelwa kuKhristu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu noMama, abafike njengoMoya noMakoti, nalabo abangakholwa.
IBhayibheli lithi isahlulelo sikaNkulunkulu sesivele sinqunyiwe, ngokusekelwe kule nkolelo.
Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni,
kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya,
ngoba imisebenzi yabo imibi.
Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi,
uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni,
funa imisebenzi yakhe idaluleke.
Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni,
ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi
yenziwe kuNkulunkulu.”
NgokukaJohane 3:19–21
Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona,
ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya,
abukho nakanye ubumnyama kuye.
1 KaJohane 1:5
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha